Ikomidi Lephalamende Liphawula Ngemingcele Yakuleli

Written by on 12 January, 2021

By: Lindelani Mbatha

Usihlalo wekomidi lephalamende elibhekelele umnyango wezenhlalakahle uBongani Bongo uthi iNingizimu Africa kumele iqinise imigomo kanye nezokuphepha emingceleni yakuleli.

uBongo ukhulume kanjena nabezindaba, njengoba lelikomidi beliyohlola isimo eBeitbridge boader post ephakathi kweNingizimu Africa neZimbabwe namhlanje.

Benza lokhu nje izolo umengameli uCyril Ramaphosa uyivalile imingcele engu-20 ephuma kanye nengena kuleli.

uBongo uthi lezindawo kumele uhulumeni aqinisekise ukuthi zinazozonke izinsiza, ukuze kuzoncipha izinkinga ezisemingceleni.


Gagasi FM

What You Want to Hear



Background