Ikomidi lezempilo eKZN lifuna kushintshwe indlela ekuthengwa ngayo imithi.

Written by on 24 March, 2025

By: Buhle Mbhele

Usihlalo weKomidi lezeMpilo KwaZulu-Natal, uImran Keeka, uthi ezinye zezizathu zokushoda kwemithi ezikhungweni zezempilo, ingoba uMnyango uyakuvimba ukuthengwa kwemithi ngqo. 

Uthi yize izibhedlela zibika ubunzima ngalolu hlelo, kodwa ezinye zezinkinga zikuzo qobo izikhungo zezempilo. 

 Amazwi ka-Keeka eza njengoba izibhedlela kanye namitholampilo yaseKZN sekunesikhathi zikhala ngokuswela imithi kanye nezinsizakusebenza kokunye. 

Kuzokhumbuleka ukuthi ngenyanga edlule, izindaba zeGagasi FM zibike ngokungabibikho kwamanzi cishe amasonto amabili ePrince Mshiyeni Memorial Hospital eMlazi eningizimu yeTheku kwabe sekuvela nokuthi kushoda imithi. 

 U-Keeka echaza ngemiphumela yophenyo lwekomidi ngaloludaba, usebeke kanje. 

powered by Advanced iFrame. Get the Pro version on CodeCanyon.

Listen to the full bulletin below:

powered by Advanced iFrame. Get the Pro version on CodeCanyon.


Gagasi FM

What You Want to Hear



Background