Ikomidi Lilalela Izingqinamba Zemboni Yezokumbiwa Phansi
Written by Mfundo on 10 February, 2021
By: Zilungile Mkhize
Ilungu lekomido elibhekelele ezokumbiwa phansi ePhalamende, uZet Luzipho, lithi ziningi kakhulu izinselelo ezikhona ezimayini zakuleli ekusafanele zilungiswe ukuqinisekisa ukuphepha kwabasebenzi ezingozini kanye nasezifweni ezithathelanayo.
Usho kanjena ekhuluma nethimba lomnyango wezokumbiwaphansi nezamandla, njengoba livele phambi kwalelikomidi ukuzochaza ngezinhlelo zomnyango zokulwa neCOVID-19, nezinye izinhlelo zonyaka.
ULuzipho uthi ukukhuluma ngezinhlelo ezingakatheli zithelo, kufana nento eyize nje engeke isize muntu ngalutho.
Uthi umnyango kumele uqinisekise ukuthi imigomo yokuvikela abasebenzi kuCoronavirus iyalandelwa, futhi abaqashi ezinkampanini zezimayini kanye nezamandla bakubeka eqhulwini ukunakekeleka kwabasebenzi babo.
uLuzipho usephonse inselelo umnyango ukuba uchaze nangezinkinga ezikhona zamakhono nokuthi zingaxazululwa kanjani.
powered by Advanced iFrame. Get the Pro version on CodeCanyon.