Ikusasa likaMkhwebane Limfiliba

Written by on 4 May, 2021

By: Zilungile Mkhize

IKomidi elibhekelele imithetho ePhalamende kulindeleke liqale ukudingida ngendlela eya phambili mayelana nokuqokwa kwamalungu alendlu azoba sekomidini likaSection 194.

Leli ikomidi elizobheka ukuthi uMvikeli woMphakathi, uBusisiwe Mkhwebane, usakulungele yini ukuphatha lesi sikhundla.

Ukuhlangana kwalelikomidi kulandela isikhalo esivezwe nguSomlomo wePhalamende uThandi Modise asithole komholi we-UDM uBantu Holomisa.

UHolomisa ubezwakalisa ukukhathazeka kwakhe mayelana nendlela ekuzovotwa ngayo ekomidini ngekusasa likaMkhwebane.

Usephakamise ukuba kuvunyelwe zonke izinhlangano ezikhona eziphalamende ukuba zibe nelungu kulelikomidi, futhi bafuna nokuthi wonke amalungu akhona kulo avunyelwe ukuvota kuloluhlelo.

Njengamanje lelikomidi linamalungu anagu 26, aqhamuka emaqenjini ezepolitiki ngu-14, kanti angu-11 kuphela avumeleke ukuvota.


Gagasi FM

What You Want to Hear



Background