Ikwa-Maz’tapela Ngamathuba Emisebenzi Kwezolimo
Written by Mfundo on 18 February, 2022
By: Bongani Gina
UNgqongqoshe wezolimo kuzwelonke uThoko Didiza uthi maningi amathuba emsebenzi akhona nangadaleka emkhakheni wezolimo.
Ekhuluma nezindaba ze-Gagasi FM eThekwini, uDidiza uthi ngisho nomengameli wezwe uCyril Ramaphosa ukubeke kwacaca enkulumeni yakhe abeyibhekise esizweni ukuthi sebebheke umkhakha wezolimo njengokunguwona ozodlala indima enkulu ekuthuthukisweni komnotho wakuleli.
U-Didiza ubeseThekwini ukuzobheka umthwalo wokuqala wolamula bakuleli abebethunyelwa eChina.
Uqhuba ngokuthi umkhakha wezolimo ubanzi kakhulu njengoba ngisho nabantu abangafundile noma abangenawo amakhono bekwazi ukungena kuwo besebenze.
https://streaming.fabrik.fm/fabrik/echocast/player/rewind-single/player.html?id=6d2fc469-1aa3-455c-8e71-36fc65de6156&web_url=https://echocast.fabrik.fm/8RWJprYPKq3VY4&podcast_id=2aeefc11-9157-4f78-9e22-ab75f227bdb4