iKZN isazohlaselwa enye imvula ehambisana nokuduma
Written by Lethiwe Mdluli on 13 November, 2019
Umnyango wezokubusa ngokubambisana nabaholi bendabuko usuxwayise izakhamuzi kulesifundazwe, ngesimo sezulu esingesihle ezindaweni ezahlukene.
Uthi abantu kumele bahlale beqaphile uma kuhloma izulu, njengoba kunezinguquko ezingajwayelekile ezibokalala zenzeka.
Abanye futhi abantu ababili bashonile eNew Hanover maphakathi nesifundazwe, ngesikhathi kuqubuka isishingishane kungazelele muntu.
Ungqongqoshe wakwaCogta, uSipho Hlomuka, usetshele abezokusakaza kuleli ukuthi kubalulekile ukuthi abantu babe sezindaweni eziphephile njengoba ukuduma kwezulu kusalindelekile kwezinye izindawo.
Listen here:
https://iono.fm/e/775103
By: Zilungile Mkhize