iKZN Isukumela Uguquguquko Lwesimo Sezulu

Written by on 12 May, 2021

By: Lindelani Mbatha

UNdunankulu wakwaZulu-Natal, uSihle Zikalala, uthi ukhathazekile ukuthi izwekazi iAfrica isasalelemuva ekubhekaneni nezinto ezikhahlameza imvelo.

uZikalala ubekhuluma nezihambeli ezithamele iKZN Climate Change and Sustainable Development Council, ebanjelwe eThekwini.

Lengqungquthela kulindeleke ukuthi iqhamuke nezindlela uhulumeni wesifundazwe azozisebenzisa ukubhekana noguquguquko lwesimo sezulu.

Ikomidi iKZN Climate Change and Sustainable Development yakhiwe ngongqongqoshe, izimeya ezahlukene, osolwazi, abaholi bendabuko, izinyanga kanjalo nezinhlangano ezingenzinzuzo.

uZikalala uthi iAfrica kumele engabe isivukile emaqandeni njengoba uguquko lwesimo sezulu, ludale umonakalo omkhulu kulelizwekazi kanjalo naseKZN.

powered by Advanced iFrame. Get the Pro version on CodeCanyon.

WATCH: Zikalala addresses the media on climate change at the Durban ICC.


Gagasi FM

What You Want to Hear



Background