iKZN Radio Forum ikhala ngokuvalwa kweziteshi zomphakathi
Written by Lethiwe Mdluli on 23 October, 2019
By: Bright Ntuli
Usihlalo weKZN Radio Forum, eyengamele imisakazo yomphakathi kulesfundazwe, uSimon Ntsele, uthi bazosiphonsela inselelo isinqumo senhlangano enikeza izimvume zokusakaza i-ICASA sokuvala imisakazo yomphakathi engu-29 kulelizwe.
I-ICASA ithathe isinqumo sokuvala le misakazo ngenxa yokuthi itholakale ukuthi ayiyilandeli imigomo yezokusakaza.
Mihlanu imisakazo yomphakathi ezovalwa kulesifundazwe nokubalwa kuyo iZululand FM, Divine Touch Radio, Capital Radio, Siyathuthuka FM kanye neNquthu FM.
uNtsele uthe abukho ubulungiswa kulesi sinqumo ngoba akukho sexwayiso lemisakazo ake anikwa sona.
Listen here:
Nokho oyiskhulu se Icasa uPaseka Maleka lemisakazo yanikwa ithuba lokulungisa izinto kodwa yehluleka.
Listen here: