Ilindelwe Ngabomvu Inkulumo KaZikalala

Written by on 26 February, 2021

Izakhamuzi zakwaZulu-Natal zithi zilindele lukhulu enkulumweni kaNdunankulu uSihle Zikalala ekubhekwe ukuthi ayethule, ngoLwesihlanu.

iState of the Province sangalonyaka sizohluka kunaleso saminyaka yonke ngendlela ekuzoqhutshwa ngayo uhlelo ngenxa yemigomo ebekiwe yeCOVID-19.

Lezakhamuzi zithi akalungise izinto ezizothuthukisa impilo emphakathini.

powered by Advanced iFrame. Get the Pro version on CodeCanyon.

Khonamanjalo uZikalala usebonge izakhamuzi eseziphose itshe esivivaneni, ngabafisa ukukuzwa kulenkulumo azobe eyethula.

Uthi uyazizwa izimvo zabo kanti futhi zizoba ingqikithi yalokho azobe ekhuluma ngakho.

UZikalala uqhuba ngokuthi lezi zimvo ezizosala ngaphandle zizophendulwa iminyango efanele mase yethula isabelo mali, emavikini azayo.

powered by Advanced iFrame. Get the Pro version on CodeCanyon.


Gagasi FM

What You Want to Hear



Background