Ima Betakulwa Abafundi Abavaleleke Izolo Esikoleni

Written by on 12 April, 2022

By: Siphelele Nzuza

Basathuthumela namanje othisha kanye nabafundi base Tholulwazwi High School ePinetown entshonalanga yeTheku, abasavaleleke esikoleni kusukela izolo kulandela izikhukhula ezinamandla KwaZulu-Natal.

Umnyango wezeMfundo kanye nenyunyane yothisha iSADTU sebamukele iqoqo lokuqala labafunde esikhumulweni sezindiza, iVirginia, eThekwini.

Labothisha abalinganiselwa ku-14 kanye nabafundi abangaphezu kuka-40,  nokuthiwa kuzanywa imizamo yokubatakula, bathi abazi bazothatha ini bayihlanganise nani.

Emuva kwemvula ekhahlameze isifundazwe kusukela ngesonto eledlule, isikole i-Tholulwazi idilikelwe yibhloho abafundi bavaleleka ngaphakathi esikoleni.

Okhulumela inyunyana yothisha iSADTU eKZN uNomarashiya Caluza uthi bayaqhubeka nokufunela abantwa nothisha usizo.

powered by Advanced iFrame free. Get the Pro version on CodeCanyon.


Gagasi FM

What You Want to Hear



Background