Imbokodo Idlala Indima Enkulu Kuleli- Didiza

Written by on 28 August, 2022

By: Nompendulo Ngubane

UNgqongqoshe wezoLimo kuzwelonke, uThoko Didiza, uthi abantu besifazane badlala elikhulu iqhaza kuleli ngisho nangendlela okumele kusingathwe ngayo umhlaba.

Lokhu kulandela emva kokuthi amalungu omphakathi ngaphansi kukamasipala i Ray Nkonyeni eNingizimu yesifundazwe ebuyiselwe umhlaba wawo owathathwa kuwona ngwendluzula.

Lo mphakathi uvela ezindaweni ezahlukene okuyika Ndwalane, Nzimakwe, Juluka, Mbotho kanye nase Mzumbe nezinye izindawo ngaphansi wawo lo masipala.

Lolu hlelo lokubuyiswa komhlaba lubize uhulumeni imali engango R282 million.

Ekhuluma enkundleni yezemidlalo iBethani lapho lomcimbi ububanjelwe khona uDidiza usho kanje ngeqhaza elibanjwe imbokodo.

powered by Advanced iFrame. Get the Pro version on CodeCanyon.


Gagasi FM

What You Want to Hear



Background