Imbokodo Ikhala Ngokuncishwa Izikhundla Kwa-RTI

Written by on 3 August, 2021

By: Zilungile Mkhize

Osabambe esikhundleni somkhuzi wamaphoyisa omgwaqo kwa Road Traffic Inspectorate (RTI) KwaZulu-Natal, uNtomboxolo Thafeni, uthi yize ekhona futhi ebonakala amagalelo abantu besifazane kwa RTI, kodwa iseyinde indlela ngaphambi kokuba babonakale ezikhundleni eziphezulu ngokulingana nozakwabo besilisa.

U-Thafeni usho kanje ngenkathi ethula inkulumo yakhe engqungqutheleni ebanjwe ngezobuchwepheshe iKZN Women’s Empowerment Seminar 2021.

Uthi izinkinga zokucwaswa nokubukelwa phansi kwabantu besifazane emsebenzini yinto ekumele engabe kade yaphela kuleli ikakhulu eminyangweni nakuzona zonke izikhungo zikahulumeni.

U-Thafeni uthi imbokodo inawowonke amandla, amakhono kanye nolwazi lokungena kunoma iyiphi imikhakha yomsebenzi ngaphandle kokubukelwa phansi.

powered by Advanced iFrame. Get the Pro version on CodeCanyon.


Gagasi FM

What You Want to Hear



Background