Imboni Yamatekisi Ikhala Ngokunyuka kukaPetrol
Written by Mfundo on 6 April, 2021
By: Sthulile Mdletshe
Inhlangano ebhekelele imboni yamatekisi, iSANTACO, ithi ukunyuka kwentengo yaPetrol kuze ngesikhathi esinzima emnothweni osuvele ukhahlanyezwe i-COVID-19.
UPetrol kulindeleke ukuthi wenyuke ngeshumi ilitha phakathi kwamabili namhlanje.
Lokhu kusho ukuthi ilitha lika petrol selizoba wu R17 bese kuthi intengo ka dizili yona yenyuke ngo 63 kuya ku 65 cent ilitha.
Oyisikhulu esiphezulu kuSANTACO KwaZulu-Natal, uSfiso Shangase, uthi basamile ekutheni imali yokugibela ematekisini izonyuka ngo July, njengoba kwenzeka minyaka yonke.
“Ukukhuphuka kwaPetrol noDiesel kusishaya kakhulu thina embonini yamatekisi. Okwamanje ayikababibikho indlela lapho kuzoshayeka khona umgibeli esikhathini esikhona okwamanje kodwa akusho ukuthi ngeke izinto ziguquke njengoba sibheka isimo sokuthi ulokhe unyuke njalo,” kuchaza uShangase.
uShangase usetshele izindaba zeGagasiFM ukuthi ngeke bavumele ukwenyuka njalo kwa phethiloli kuhlukumeze abagibeli babo.