Imeya Izoxhasa Imindeni Yabashone Engozini Enyantisa Igazi eMphophomeni

Written by on 20 July, 2022

By: Nompendulo Ngubane

Imeya kamasipala wesifunda uMgungundlovu uMzi Zuma uthi njengomasipala bazibophezele ukweseka kanye nokuxhasa imindeni yabantu abashone engozini yemoto eMpophomeni ngaphandle kwedolobha iPietermaritzburg enkabeni yesifundazwe saKwaZulu-Natal.

UZuma ehambisana noNgqongqoshe wezokuThutha osabambile uJomo Sibiya bahambele indawo yesigameko emgwaqweni uR617 lapho kushone khona nephoyisa lomgwaqo uMxolisi Mzobe.

Lengozi idlule nemiphefumulo yabantu abangu-12, abangu-10 bashonele khona endaweni yesigameko kanti ababili bashonele esibhedlela.

UZuma uthi yize imindeni evelelwe yinhlekelele isezindaweni ezahlukene kodwa yonke izokuthola ukwesekwa uhulumeni njengoba ethi bayazwelana nayo.

powered by Advanced iFrame free. Get the Pro version on CodeCanyon.


Gagasi FM

What You Want to Hear



Background