Imigomo Ikulungele Ukulwisana Nohlobo Olusha Lwe-COVID-19
Written by Mfundo on 1 September, 2021
By: Zilungile Mkhize
UNgqongqoshe wezempilo kuzwelonke uJoe Phaahla uthi ucwaningo lochwepheshe seluthole ukuthi imigomo esetshenziswa kulelizwe ingakwazi ukubhekana nohlobo olusha lwe COVID-19, iC.1.2 olutholakale kulelizwe.
Loluhlobo lwaleligciwane noselubonakele kuzona zonke izifundazwe, kuthiwa kulula kakhulu ukuthi lusabalale, futhi lugulisa ngamandla amakhulu nasheshayo.
Isikhungo esicwaninga ngezifo ezithathelanayo iNICD, sithi okwamanje imigomo esetsheniswa kuleli iyakwazi ukubhekana nayo le C.1.2 variant.
UNgqongqoshe uPhaahla uthi into ekumele abantu bayenze manje, ukuya kogoma, baqhubeke nokuzivikela ngezifonyo.
powered by Advanced iFrame. Get the Pro version on CodeCanyon.