Imingcwabo inobungozi bokubhebhethekisa iCOVID-19

Written by on 22 April, 2020

Ungqongqoshe wezempilo, uZweli Mkhize, uthi kuzomele ukuthi abantu asebeshonile bangcwatshwe ngokushesha ukuvikela ukuthelelana ngecoronavirus.

uMkhize ubekhuluma ngesikhathi eyohlola izikhungo zezempilo eEastern Cape.

Uthi ucwaningo lukahulumeni luveza ukuthi leligciwane lithelelana kakhulu emingcwabeni.

“Umthetho kumele uthi isidumbu asisuke emakhazeni mese siya emangcwabeni. Lesimo esibhekene naso siyinkinga. Angikhulumi ngomuntu oshone ngeCOVID-19, ngikhuluma ngomuntu nje. Inkinga ayivamile ukuba kulo oshone ngeCovid-19 ngoba wonke umuntu uyazi ukuthi kumele sigadwe lesosidumbu ukuze singafakeli abanye ukufa. Inkinga iba kulaba abashona bengenayo, la sithola ukuthi abantu bayahlangana babe yizixuku. Yebo kubuhlungu kanti futhi sizokhalisa kodwa manje into eyenzekayo ngesikhathi sisaxakekile sisezinhlungwini siyaxhawulana. Kuthi uma sesihlukana, sihlukane sesixhawulene ngesifo. Yilento eyenzekayo emngcwabeni kanti mawuthi uyabheka ukuthi isifo siqhamukephi uthole ukuthi abantu basithoile emgcwabeni.”

Khonamanjalo uMkhize, uthi ukuvalwa kwezwe ngumengameli, uCyril Ramaphosa, kwasiza kakhulu ekunciphiseni isivinini iCOVID-19 eyayisabalala ngaso kubantu.

Uthi ukube iNingizimu Africa ayivalwanga engabe lezibalo ezikhona zabantu abanecoronavirus zikhuza ngaphezu kuka 7000, kanti nabashonayo ngabe baningi kakhulu.

Listen here:

Podcast stream by Fabrik.fm

By: Zilungile Mkhize & Lindelani Mbatha


Gagasi FM

What You Want to Hear



Background