Imisebenzi Isangahlengeka Mangase Kuvulwe Ukuhweba Utshwala – Beer Association of SA
Written by Mfundo on 26 January, 2021
By: Zilungile Mkhize
Inhlangano i-Beer Association of South Africa ithi ikholelwa ukuthi imisebenzi eminingi isangahlengeka ekutheni ingapheli, uma nje uhulumeni engavula ukudayiswa kwa tshwala maduze.
I-BASA ithi kumanje isimo sibi kakhulu ezinkampanini eziningi ezigaya usthwala kanye namabhizinisi asebenza ngokubudayisa.
Lenhlangano ithi amabhizinisi asephoqeleke ukuba adilize abasebenzi, amanye ahlisa amaholo, kanti kukhona nasevale unomphela ngenxa yezinkinga abhekene nazo zokuhluleka ukumelana nezindleko njengoba ukudayiswa kwempahla ayikhiqizayo nenza ngayo inzuzo kumisiwe nje.
Esitatimendeni esikhishwe i-BASA, selokhu uhulumeni aqala uhlelo luvala ukudayiswa kotshwala ngonyaka odlule abantu abangu 165 000 balahlekwa umsebenzi, kanti kunezinkampani ezigaya ezitshwala esezivalwe unomphela.
Oyisikhulu esiphezulu kulenhlangano uPatricia Pillay uthi okungenani abudayiswe kodwa buphuzelwe emakhaya ngoba mabuvalwe thanqa, buhlala buze bonakale, okunomthelela omubi emabhizinisini.