Imithi Yesintu, Insangu Kanye namaSelula Ashaqiwe Kugaselwa Ijele

Written by on 12 October, 2021

By: Sthulile Mdletshe

Amaphoyisa asegasele kungazelele muntu ejele iQalakabusha, eMpangeni enyakatho yesifundazwe, ashaqa impahla eyahlukene etholakale ngaphakathi ngokungemthetho.

Umphathi wamajele kazwelonke uMakgothi Thobakgale, nobeyingxenye yalomkhankaso, uthi sekuyisikhathi eside amaphoyisa agcina ukuhlola kungalindele muntu kulendawo.

Uthi sebeshaqe omakhale khukhwini abangephezulu kuka-30.

Uqhuba ngokuthi kutholakale nemithi yesintu ebingagunyaziwe ukuba ngaphakathi ejele, kanye nensangu engabiza inani lasemgwaqeni elingaphezu kuka-R12 000.

Kwenzeka lokhu nje leli jele lisanda kuba sematheni ngesigameko sokweqa kweziboshwa eziyingozi ezimbili ngenyanga ka-May.

U-Thobakgale uthi ngaphandle kokuqondisa iziboshwa ezitholakale nalezinto ezingekho emthethweni, bazobhekana nabasebenzi kanye nezinye izikhulu ukuthola izimpendulo.

powered by Advanced iFrame free. Get the Pro version on CodeCanyon.

 


Gagasi FM

What You Want to Hear



Background