Impi Yase Russia Iza Namathuba e-Afrika

Written by on 28 March, 2022

By: Lindelani Mbatha

Ungoti wezomnotho uDante Mashile uthi iAfrika kumele ithathe ithuba lokuvalelwa ngaphandle kweRussia, ingene shi ekusabalaliseni iGas kanye no-oyela emhlabeni jikelele.

I-USA, iBritain kanye noAustrailia akuhoxisile ukusebenzisana neRussia, okuyiyo eyingxenye yamazwe ahamba phambili ekusabalaliseni lemikhiqizo.

Amazwe afana neLibya, Nigeria, Algeria, Angola, kanye neSouth Africa angamanye amazwe akhiqiza uOyela eAfrica.

I-Russia ifakwe uswinyo emvakokuba ihlasele iUkriane, ngoba iyisola ukuthi ifuna ukuba wumbimbi lamazwe eNato.

U-Mashile uthi iAfrika kumele isebenzise lelithuba ukukhulisa umnotho.

powered by Advanced iFrame free. Get the Pro version on CodeCanyon.


Gagasi FM

What You Want to Hear



Background