Incabha Isikumengameli Ngesikweletu Sakwa-Eskom
Written by Mduduzi Phungula on 21 June, 2023
By: Lindelani Mbatha
Amalungu ephalamende lezifundazwe kuzwelonke asewuphasisile umthetho iEskom Debt Relief Bill.
Ukuphasiswa kwalomthetho kuzokwenza ukuba umgcinimafa wakuleli athathe ngokusemthethweni isikweletu salenkampani kagesi.
I-Eskom ikweleta imali elinganiselwa ku-R400 billion wamarandi, kanti kulonyaka kulindeleke ukuthi uhulumeni afake imali elinganiselwa ku-R78 billion, besekuthi ngonyaka ozayo afake uR66 billion, ngonyaka mali ka-2025/2026 alandelise ngo-R40 billion.
Emvakwalokho umgcinimafa uyobe esethatha ngokusemthethweni lesisikweletu.
Osekusele manje ukuthi umengameli uCyril Ramaphosa asayine ngokusemthethweni lomthetho ukuze uqale usebenze.
Usihlalo weNCOP uAmos Masondo ubeke kanjena ethula imiphumela.
powered by Advanced iFrame. Get the Pro version on CodeCanyon.