iNCCC ixwayisa ngokuthi iCOVID-19 ingaphinde ibheduke futhi

Written by on 14 August, 2020

Ikomidi eleluleka umengameli mayelana nobhubhane iCoronavirus selixwayise ngokuthi lelizwe lisengcupheni yokuthi lomkhuhlane uphinde ubheduke futhi.

Kumanje kubikwa ukuthi isbalo sabantu abatheleleka ngalesifo nsukuzonke, silokhu sehlile kulamasonto ambalwa edlule.

Ushlalo walelikomidi usolwazi uAbdool Karim uthi nakuba lezibalo zehla kodwa kunamazwe abesecabanga ukuthi aselinqobile leligciwane kodwa laphinde labuya ngesivinini.

Kanti enanela emazwini ka Karim ungqongqoshe wezempilo, uZweli Mkhize, uthi manje yiskhathi sokuthi abantu baqikelele kakhulu kunakuqala.

Listen here:
Podcast stream by Fabrik.fm

By: Gagasi FM News

Tagged as

Gagasi FM

What You Want to Hear



Background