Indida kushiya Ungqongqoshe

Written by on 12 May, 2022

By: Bongani Gina

Ungqongqoshe wezokubusa ngokubambisana KwaZulu-Natal uSipho Hlomuka kulindeleke ukuba ashiye kulesi sikhundla sakhe njengoba esethole esinye isikhundla kuhulumeni kazwelonke.

Ngaphandle kokuba ngungqongqoshe, uHlomuka ubuye abe yisekela likanobhala we-ANC kulesfundazwe njengoba manje eseqokelwe esikhundleni sokuba yisekela likamqondisi jikelele kwaCOGTA kuzwelonke.

Ukuqokelwa kwakhe kulesi sikhundla esiphezulu kuhulumeni kuchaza ukuthi kuzofanele ashiye lesi sokuba ngungqongqoshe nokuzophoqa undunankulu wesfundazwe uSihle Zikalala ukuthi aqoke omunye ungqongqoshe noma ahlengihlengise ongqongqoshe bakhe.

Nangu ungqongqoshe ehhovisi likamongameli uMondli Gungubele ememezela ukuqokwa kukaHlomuka nabanye ezikhundleni ezintsha.

powered by Advanced iFrame free. Get the Pro version on CodeCanyon.


Gagasi FM

What You Want to Hear



Background