Indida kuvulelwa ngenhlamvu kumshayeli webhasi.
Written by Phakeme Mnguni on 20 January, 2025
By: Phakeme Mnguni
Sekudutshulwe kwabulawa umshayeli webhasi oneminyaka engu-33 ubudala eWestham enyakatho yedolobha iTheku, eKZN.
Onogada benkampani i-Reaction Unit South Africa (RUSA) babika ukuthi babizwe endaweni yesigameko nalapho abafike bathola khona ibhasi livundle umgwaqo, kanti phakathi bathole umshayeli walo edutshulwe amahlandla amaningi eshonile.
Bathi ke kuthe uma behosha umkhondo endaweni yesigameko bathola ukuthi imibiko ihlongoza ukuthi lomshayeli ubhudukezwe abasolwa abathathu ekade behamba ngemoto yohlobo lwe Toyota Etios, abafike bavulela ngenhlamvu ngaphambi kokuthi bashaye bachithe endaweni yesigameko.
Imbangela yalokudubula ayikacaci kepha amaphoyisa ayaphenya kanti futhi akekho omunye olimele kulesigameko njengoba kade ibhasi lingalashiyile.