INdlovukazi Izohlonishwa Ngokohlelo Lesifundazwe

Written by on 3 May, 2021

By: Sanelisiwe Dlangamandla

UNdunankulu wakwaZulu-Natal, uSihle Zikalala, usememezele ukuthi  ibamba bukhosi elingasekho emhlabeni, iNdlovukazi uMantfombi uMaDlamini-Zulu, lizohlonishwa ngomgcwabo osezingeni lesifundazwe.

UZikalala usho kanje ngenkathi ekhuluma nabezindaba esigodlweni saKwaKhangelamankengane, KwaNongoma enyakatho yesifundazwe, njengoba kade eyobhonga emswaneni.

Kodwa ke ngokosiko lwasebukhosini Ibamba bukhosi lizofihlwa ngoLwesine ebusuku, noma ukuthatha kokusa ngoLwesihlanu, nokusho ukuthi sekuzoba yinkonzo yesikhumbuzo azohlonishwa ngayo ngokohlelo lwesifundazwe, ngoLwesihlanu.

UMaDlamini udlula emhlabeni nje akukapheli ngisho izinyanga ezimbili kukhotheme umyeni wakhe uNgangezwe lakhe, naye owahlonishwa ngenkonzo esezingeni likahulumeni wesifundazwe.

uZikalala uthi kubalulekile ukuthi iNdlovukazi nayo iphelezelwe ngendlela enesizotha.

powered by Advanced iFrame free. Get the Pro version on CodeCanyon.

uZikalala usephinde wanxusa ukuthi izinkinga ezibhekene neNdlunkulu kufanele zilungiswe ngesizotha, nokuyindlela Isilo samabandla ayethanda zixazululwe ngayo.

powered by Advanced iFrame free. Get the Pro version on CodeCanyon.


Gagasi FM

What You Want to Hear



Background