Indlunkulu Ikhuza Abahubhuza Amanga Ngozothatha

Written by on 6 April, 2021

By: Zilungile Mkhize

Umndeni wasebukhosini bakwaZulu usunxuse ukuthi kuphele lokho okuchaza njengokuqagela nokusabalalisa imniningwane engenasiqiniseko ngemithombo yezindaba, othi kwenziwa yilabo abazibiza ngongoti nochwepheshe bezindaba zobukhosi.

Umndeni wasebukhosini uthi kuningi ukuqagela okwenziwa ngabezindaba mayelana nokulindeleke ukuba kwenzeke kulomndeni nasesizweni sonke sakwaZulu.

Uthi awukazi ufihle mayelana nezindaba ezithinta uZulu selokhu kwakhothama iSilo, ugcizelela nangokuthi ngisho sisabambekile esibhedlela wawulokhu wazisa umphakathi ngokwenzakalayo.

Imibono eyahlukene ilokhu izwakale njalo mayelana nozongena esihlalweni sobukhosi nokuthi yini ezokwenziwa ukuqinisekisa ukuthi uyaganwa kusenesikhathi.

Umndeni uthi imniningwane eminingi oyizwa ngabantu abazibiza ngochwepheshe, inokuqagela okungenasiqiniseko, futhi ishiya nokungabaza esizweni sonke.

Uthi uma kunemininingwane esikhona ekumele ikhishelwe umphakathi, izokhishwa ngendlela efanele enesiqiniseko.


Gagasi FM

What You Want to Hear



Background