iNFP ithi ikhathazekile ngokwenzeka kuMkhwebane

Written by on 30 January, 2020

iNFP ithi ikhathazekile ngemizamo yabathile abafuna ukuphazamisa ukusebenza kukaMvikeli womphakathi, uBusisiwe Mkhwebane.

Usomlomo wephalamende likazwelonke, uThandi Modise, ngesonto eledlule ugunyaze isicelo seDA sokuthi iPhalamende liqale inqubo yokususwa kukaMkhwebane esikhundleni.

iDA isola uMkhwebane ngokungawuqondi umsebenzi wakhe kanye nokwenzelela ngendlela aphenya ngayo izikhulu ezithile zezepolitiki.

Unobhalala jikelele weNFP, uCannan Mdletshe, uthi kuyamangaza ukuthi konke lokhu kwenzeka emva kokuthi uMkhwebane ephenye osopolitiki abathile.

Listen here:

https://iono.fm/e/808740

By: Lindelani Mbatha


Gagasi FM

What You Want to Hear



Background