Ingase Idale Uqhekeko Ku-ANC Eyetulo Lokuketula uMashatile

Written by on 10 July, 2023

By: Xolani Khumalo

Umhlaziyi wezepolitiki uLevi Ndou uthi imibiko esisabalele yokuthi kunetulo lokuzama ukuketula usekela Mongameli wezwe uPaul Mashatile ingase idale uqhekeko enhlanganweni ebusayo.

UMashatile usetshele umthombo wabezindaba iCity Press ukuthi bakhona abazama ukumketula, yize engazange awasho amagama abantu.

UNdou uthi lezinsolo cishe zingaba yinqiniso kwazise izinsuku ezibucayi lezi njengoba izwe selibheke okhethweni lukazwelonke nolwezifundazwe ngonyaka ozayo.

Uthi kuzobaluleka ukuthi uMongameli uCyril Ramaphosa nesekela lakhe bakhulume ngazwilinye.

powered by Advanced iFrame. Get the Pro version on CodeCanyon.


Gagasi FM

What You Want to Hear



Background