Ingase Ivaleke Imali yabathole Izincwadi Ezivela KaSassa

Written by on 6 February, 2023

By: Xolani Khumalo

Isikhungo esibhekelele izibonelelo zikahulumeni, iSouth Africa Social Security Agency (Sassa), sithi labo abahola imali yesibonelelo asebethunyelelwe izincwadi ezibanxusa ukuthi baye emahhovisini alesiskhungo aseduzane nabo, kumele basondele ngokushesha ukuze bagweme ukuthi ivaleke imali yabo.

Lezincwadi zithunyelelwe abathile ekumele kubuyekezwe ukuhola kwabo, kubhekwe nokuthi basakulungele yini ukuqhubeka nokuthola lemali.

Lesiskhungo sithi ngokusebenzisana nesishayamthetho saKwaZulu-Natal, benza konke okusemandleni ukuqinisekisa ukuthi ukuholwa kwezibonelelo akuphazamiseki kulabo abaphila ngaloluxhaso.

Oyilunga lesishayamthetho ngaphansi kwekomidi elibhekele ezokuthuthukiswa komphakathi, uLes Govender, uthi abantu  kumele bazisukumele isikhathi sisekhona.


Gagasi FM

What You Want to Hear



Background