Inhlangano Ifuna Kuqashwe Abasebenzi Bezempilo

Written by on 24 March, 2022

By: Zilungile Mkhize

Inhlangano iProgressive Health Forum (PHF)  isizwakalise ukukhathazeka ngokuqhubeka nokushoda kodokotela nabahlengikazi ezibhedlela zikahulumeni kuzwelonke, kodwa kube kunezikhala ezingagcwalisiwe.

Ungqongqoshe wezempilo, uJoe Phaahla, useveze ukuthi izibhedlela zikahulumeni zinezikhala ezingaphezu kuka-10 000 zabahlengikazi kanye nezingaphezu kuka-1000 zodokotela.

IKwaZulu-Natal iyona ehamba phambili ngezikhala zabahlengikazi, njengoba zingu 3603, kanti iLimpopo ihamba phambili ngezikhala zodokotela ngo-414.

U-Aslam Dasoo we-PHF uthi lenkinga iwumphumela wokuncishiswa kwesabelomali sezempilo kanye ne nkohlakalo.

powered by Advanced iFrame. Get the Pro version on CodeCanyon.


Gagasi FM

What You Want to Hear



Background