Inhlangano Ithi Abavikelwe Abantwana Abadla Izidakamizwa

Written by on 4 March, 2022

By: Zilungile Mkhize

Izinhlangano ezilwela ukuvikelwa kwabantwana zithi kumele uhulumeni aqalise ngendlela efanele ukusebenza komthetho iChild Justice Act, uma kunamacala ahlanganisa izingane ezithinteka ekusetshenzisweni kwezidakamizwa.

Enye yalezinhlangano iCentre for Child Law ikholelwa ukuthi kufanele zilekelelwe izingane ezithinteka kulamacala, kunokuthi ziphonswe ejele ngale kokuthola usizo olufanele.

Ithi ngisho sebephuma ejele labantwana, basuke bengaqondisekile izigwegwe ngendlela eyiyo.

Okhulumela lenhlangano uIsabel Magaya uthi bazoluyisa enkantolo yomthetho sisekelo udaba lwe-Child Justice Act.

powered by Advanced iFrame. Get the Pro version on CodeCanyon.


Gagasi FM

What You Want to Hear



Background