Inhlangano Yabahwebi Bamankwebevu Ikhala Ngemigomo kaThaqa YePhasika

Written by on 29 March, 2021

By: Lindelani Mbatha

Inhlangano yosomabhizinisi, iLiquor Traders Formation, ithi uma uhulumeni engakuvala futhi ukudayiswa kotshwala njengoba kuza amaholidi ephasika kuyobe kuphelile ngamaTarveni.

Ngesonto eledlule ungqongqoshe wezempilo, uZweli Mkhize, uveze ukuthi uhulumeni usadingida imibono yekomidi eliluleka ongongqoshe ngeCOVID 19, nelithe uhulumeni kumele aqinise imigomo ukuzama ukugwema ihlandla lesithathu leCoronvirus.

Ngephasika eledlule, ngenkathi uMengameli uCyril Ramaphosa ememezela imigomo ka thaqa, wakuvala ukudayiswa kukatshwala, ukuhlangana kweningi kanye nokuya emasontweni.

OweLiquor Traders Formation, uLucky Ntimane, uthi uma uhulumeni engazama ukuvala ukudayiswa kotshwala lokho kobe kusho ukuthi akanendaba nalomkhakha kanjalo nemisebenzi ezophela.

powered by Advanced iFrame. Get the Pro version on CodeCanyon.


Gagasi FM

What You Want to Hear



Background