Inhlangano Yabalimi Ichitha Eye-Minimum Wage
Written by Mfundo on 2 March, 2021
By: Bright Ntuli
Inhlangano yabalimi iTLU SA ithi indlela ungqongqoshe wezemisebenzi uThulas Nxesi alusingethe ngayo udaba lokukhushulwa kwemali ekumele kuholelwe yona abashenzi basemaplazini, ingase iholele ekutheni abaningi baphelelwe yimisebenzi.
Lenhlangano isho kanjena njengoba uNxesi esanda kumemezela ukuthi iMinimum wage yabasebenzi basemaplazini isinyuke ngo 16.1 wamaphesenti, nosekuyibeke ezingeni lawo wonke umuntu.
I Minimum wage yimali ekalwe wuhulumeni ukuthi okungenani abasebenzi kumele baqale kuyo ukuholelwa.
Owe TLU SA u Bennie van Zyl uthi kuyaxaka ukuthi umengameli uCyril Ramaphosa ngapha uthembisa ukwakha kabusha umnotho, ekubeni uNxesi yena ngapha ewubhidliza efaka nabasebenzi engcupheni yokudilizwa.
powered by Advanced iFrame. Get the Pro version on CodeCanyon.