Inhlangano Yakuleli Iyolekelela E-Ukraine

Written by on 7 March, 2022

By: Lindelani Mbatha

Inhlangano enikelela ngosizo iGift of the Givers ithi izolibangisa eUkraine iyosiza labo abasele dengwane kuleliyazwe.

Babalelwa ku-2 million abantu bakuleliyazwe asebelifulathele balibangisa emazweni angomakhelwane ngenxa yempi ephakathi kwezwe labo kanye neRussia.

I-Gift of the Givers ithi uhambo lwabo kuzobe kuyingxenye yokuyosiza abantu bakuleli, nabo abangasenayo indawo yokuhlala.

Ngesonto eledlule kuqubuke imibiko eveza ukuthi iziphathi mandla zakuleliyazwe zibeka phambili abantu bomsinsi wokuzimilela kuqala okumele bathole usizo lokubalekiswa. Abantu baseAfrika abenza izifundo zabo kuphoqe ukuthi balwe impela ukuze bathole usizo.

Ongumsunguli walenhlangano uImtiaz Sooliman uthi zikhona nezinkampani ezibathintile ezifuna ukusebenzisana nabo.

powered by Advanced iFrame. Get the Pro version on CodeCanyon.


Gagasi FM

What You Want to Hear



Background