Inhlangano Yamabandla Ezenkolo Isika Elijikayo Kumgomo weCOVID-19
Written by Mfundo on 8 February, 2021
By: Zilungile Mkhize
Umkhandlu obhekelele amabandla ezenkolo kulelizwe i-SACC, unxusa abaholi bamasonto kuzwelonke, ukuba kube yibo abahamba phambili ezinhlelweni zokukhuthaza izakhamuzi ngokugomela i-COVID-19.
i-SACC ithi uma abefundisi nabanye abaholi emabandleni bekhuluma, befundisa ngokubaluleka kokugoma kuzosiza kakhulu nakulabo abangasiboni isidingo kanye nalabo abadukisekile mayelana nodaba lwemigomo.
Lomkhandlu ubambe isithangami nabezindaba, ukuchaza kabanzi ngokungabaza kwabantu uma kuza ekugomeni, ikakhulu labo abasemabandleni abo.
Unobhala jikelele we SACC uMbhishobhi u-Malusi Mpumlwana, uthi kumele bona njengabaholi, bagome kubuka wonke umuntu ukukhombisa imiphakathi ukuthi ayinto ekumele isatshwe.