Inhlangano yamakholwa ihlaba ubuholi buka-Ramaphosa kanye ne-GNU.

Written by on 27 December, 2024

By: Xolani Khumalo

Inhlangano yamakholwa iSouth African National Christian Forum ithi ithemba lokuthi iNingizimu Africa ibe isizwe esingcono ayashabalala ngaphansi kobuholi buka-Cyril Ramaphosa.

Ithi inhlupheko idla lubi, njengoba nezinga labantu abangasebenzi lilokhu lenyuke njalo, kanti kunezinkinga eziningi ezikhungethe imiphakathi.

Umholi walenhlangano uMarothi Mashashane uthi okufakazela ukubheda kwezinto ngaphansi kwaloHulumeni ukungaholelwa kwenqwaba yabantu abangasebenzi kulenyanga isibonelelo sika R370.


Gagasi FM

What You Want to Hear



Background