Inhlangano yamaloli (ATDF) ithi ayiyingeni eye-shutdown.
Written by Phakeme Mnguni on 11 November, 2024
By: Xolani Khumalo
Inhlangano yabashayeli bamaloli i-All Truck Drivers Forum and Allied South Africa ithi iyaziqhelelanisa nesiteleka sabama-truck esiqale namhlanje.
Abashayeli bama-truck kuzwelonke bashiye phansi amathuluzi bangenela isiteleka bevimba ngama-truck abo eminye imizila.
Phakathi kwabakhala ngakho kubalwa ukungathotshelwa kwemithetho yabasebenzi kwezinkampani ezisemkhakheni wezokuthuthwa kwempahla, ukuqhubeka nokuqasha abokufika kanye nodaba lwamahholo angagculisi.
Namhlanje ekuseni kube khona umgwaqo ovinjwe ama-truck eHarrismith.
Okhulumela i-All Truck Drivers Forum and Allied South Africa uGugu Sokhela usetshele izindaba zeGagasi FM ukuthi bona abayona nhlobo ingxenye yalesiteleka.
Uthi beyinhlangano ye All Truck Drivers Forum (ADTF) bazokweseka nanoma ngubani endimeni yezamaloli olwisana nalezinto abaliswana nazo.
“Siyazi ukuthi kunezinkinga ezikhona embonini yama truck, kodwa ukukho ukuxhumana esibenakho nezinhlangano lezi ebezihlela i-shutdown yanamhlanje ngaleyondlela ubuholi benhlangano buthathe isinqumo sokuthi inhlangano ayizukuba yingxenye, noma ayizukuzibandakanya naleyo shutdown ezokwenziwa osukwini lanamhlanje.”