Inhlangano Yenyama Ebomvu Ikhathazekile Ngesifo Samatele

Written by on 4 April, 2022

By: Zilungile Mkhize

I-Red Meat Producers’ Organisation (RMPO) ithi ukubheduka kwesifo samatele kungaba nomthelela omkhulu kwezomnotho, ikakhulu embonini yenyama ebomvu uma kungalawulwa ngokushesha.

USihlalo walenhlangano uJames Faber uthe lesifo singaphoqa imboni yenyama ebomvu ukuthi ibe nezinkinga kwezohwebo.

Uthi abalimi kulemboni bangazithola sebebhekene nengwadla yezezimali njengoba abanye namanje bengazisebenzisi izinhlelo zokuphepha kwemfuyo okuphelele.

U-Faber , uthi lesifo esihlasela imfuyo okubalwa izinkomo, izingulube, izimbuzi namagusha sesiqala ukuba yinkinga enkulu ezingxenyeni eziningi eNingizimu Africa.

Uthi abantu abathenga inyama ngokungemthetho, ilabo abathenga bahambise imfuyo ngaphandle kwezimvume nezindawo ezivikelekile kumele babikwe, ukugwema ukubhebhetheka kwaleligcine.

powered by Advanced iFrame free. Get the Pro version on CodeCanyon.


Gagasi FM

What You Want to Hear



Background