Iningi Imali Ekuqoqeni Imfucuza
Written by Mfundo on 24 March, 2022
By: Alex Mthiyane
Ungqongqoshe wezezimali KwaZulu-Natal uNomusa Dube-Ncube uthi ukukhula kwesibalo sabantu abangasebenzi sekuphoqe uhulumeni ukuthi abheke ezinye izindlela zokuqoqwa kuka doti, ezizokwenza ukuthi kuholelwe labo abazokwenza lomsebenzi.
U-Dube-Ncube usehambele enye yezinkampani ephethwe ngabamnyama, iMakhathini Medical Waste eCato Ridge maphakathi nesifundazwe, eyenza lomsebenzi.
Lenkampani eqashe abasebenzi abangaphezulu kwamakhulu amathathu (300), isinconywe kakhulu ngomsebenzi ewenzayo wokuqoqa udoti otholakala ezibhedlela.
U-Dube-Ncube uthi kunenqwaba yomsebenzi osadinga ukwenziwa kulomkhakha.