INingizimu Afrika Iyogcina Ibonile Ukuthi I-ANC Ayibakhathalele Abantu- Malema

Written by on 23 March, 2023

By: Sthulile Mdletshe

Umholi we-Economic Freedom Fighters, uJulius Malema, uthi ukutshalwa kwamasosha bekuhloswe ukusabisa abantu ukuba bacabange ukuthi lemashi izobe ihambisana nodlame.

Uthi akumuthusi ukuthi abantu abaningi babenovalo lokuthi kuzobakhona ukucekelwa phansi kwamabhizinisi ngoba vele iqembu elibusayo, i-African National Congress (ANC) ilokho ebikutshalile ezingqondweni zabantu.

UMalema uphendula imibuzo yezintatheli egoli kulandela umbhikisho kazwelonke ubuhlelwe i-EFF ngomsombuluko.

UMalema usamile ekutheni lombhikisho ubunganadlame kanti futhi ubuhlose ukuzwakalisa ukuthi bafuna uMengameli Cyril Ramaphosa ehle esikhundleni ngoba kusobala uyahluleka.

Uthi le mashi ibe impumelelo kakhulu kanti nasezinkundleni zokuxhumana kancane kancane abantu bayahluzeka izinqgondo ngobuholi be ANC .

powered by Advanced iFrame. Get the Pro version on CodeCanyon.

U


Gagasi FM

What You Want to Hear



Background