Injabulo Abafundi Behlomula Ngezinyawo Ezilula

Written by on 21 February, 2022

By: Nompendulo Ngubane

Sekuzoba wumlando ukuhamba ngezinyawo amabanga amade beya eskoleni kubafundi base-Mzwamweni High, eElandskop ngaphandle kwase Mgungundlovu.

Labafundi abebephoqeleka ukuthi bavuke ngovivi ukuze bafike eskoleni ngeskhathi, sebenikelelwe umnyango wezokuthutha ngamabhiyisikili ngaphansi kohlelo lomnyango iShova Kalula Bicycle.

Bekhuluma nezindaba ze-Gagasi FM bathi lamabhayisikile azobasiza kakhulu njengoba bethi ukuya eskoleni sekuzoba lula futhi ngeke besakhathazeka ngokusalela emuva ezifundweni ezinamaklasi angena ekseni.


Gagasi FM

What You Want to Hear



Background