Injabulo Embonini Yamatekisi Ngochatha

Written by on 14 January, 2022

By: Lindelani Mbatha

Izinhlangano zamatekisi kulesisifundazwe zithi imali ezizoyihlomula kuhulumeni izosiza kakhulu kosomatekisi asebecwile ezikweletwini.

Ungqongqoshe wezokuthutha umemezele ukuthi kuzothi kuphela uMarch bonke abazofaka izicelo zokunikezwa lemali babe sebeyitholile.

Uhulumeni ubeke eceleni imali engaphezu kuka-R1.1 billion wamarandi ukusiza abamatekisi abakhahlanyezwe ukubheduyka kweCOVID 19.

Kulindeleke ukuthi umnikazi wetekisi ahlomule ngo-R5000 itekisi ngayodwana.

Oyisikhulu esiphezulu kuSantaco eKZN uSfiso Shangase uthi bajabule ukuthi nemibandela ebibekiwe ukuze bezothola lemali ixegisiwe.

Khonamanjalo usihlalo weSouth African Taxi and Transport Alliance uB Mhlongo uthi bayabonga ukuthi ungqongqoshe uFikile Mbalula ubone kuncono ukuthi nabo bayithole lemali.


Gagasi FM

What You Want to Hear



Background