Injabulo i-Gagasi FM Lilula Isandla

Written by on 8 March, 2022

By: Nompendulo Ngubane

Imiphakathi evela ezindaweni ezahlukene neyakhahlamezwa izikhukhula ngo December odlule, eMgungundlovu ngaphansi kukamasipala uMsunduzi isizwakalise intokozo ngokwenziwe i-Gagasi FM.

Lamalungu alemiphakathi athi ukwelula isandla ko msakazo i-Gagasi FM libambisene nabaxhasi balo kanye nawo lomasipala, kuzokwenza omkhulu umehluko empilweni.

I-Gagasi FM libambisene nomasipala uMsunduzi lisize lemiphakathi ngokuyinikelela ngezinsiza ukulekelela izisulu zezikhukhula ukuthi zikwazi ukulala zidlile ziphinde zikwazi ukuthenga nezinsiza zokwakha izindlu.

Sezihlomule ngama voucher emali engango R5000, njengoba iningi lazo lasala lingenalutho kubhidlike nezindlu ngenxa yezimvula.

Zikhuluma nezindaba ze-Gagasi FM emcimbini lapho zinikezwe lezi zinsiza, lezakhamuzi zithi lokhu kusho lukhulu kuzona futhi nomehluko uzoba mukhulu nasekuvuseni amakhaya abhidlika.

powered by Advanced iFrame free. Get the Pro version on CodeCanyon.


Gagasi FM

What You Want to Hear



Background