Injabulo Kudingidwa Ezatshwala e-PMB
Written by Mfundo on 22 March, 2022
By: Nompendulo Ngubane
Umphakathi waku ward 22 eMgungundlovu uthi ukwamukela ngezandla zombili ukuhlonyeliswa ngolwazi mayelana namalungelo nangezwi onalo ngezindawo ezidayisa utshwala.
Umnyango kahulumeni onikeza igunya lokudayisa utshwala esifundazweni, iKZN Liquor Authority, uhlangane nomphakathi wakulendawo. Usuwuchazele kabanzi ukuthi nawo unezwi kanye nelungelo lokubika, futhi ube yingxenye uma abanikazi bezindawo ezidayisa amanzi amponjwana befaka izicelo zokuthola izimvume zokudayisa.
Amalungu omphakathi athi ukuthola ulwazi kuzowasiza kakhulu ukuthi lapho kukhona ukuphazamiseka phakathi kwabadayisi botshwala nomphakathi, abahlali bathathe izinyathelo zokubika besebenzisa ilungelo labo.
Ekhuluma nezindaba ze-Gagasi FM, lamalungu abeka kanje.
powered by Advanced iFrame. Get the Pro version on CodeCanyon.
Khonamanjalo, oyikhansela lika ward 22 uThembinkosi Zondi, yena uthi lolu lwazi luzosiza umphakathi nabadayisi botshwala ukuthi balandele umthetho.
powered by Advanced iFrame. Get the Pro version on CodeCanyon.
Ongusihlalo webhodi iKZN Liquor Authority, uMbali Myeni, uchaza kabanzi ngemigomo nemibandela elandelwayo uma kuzokhishwa ama-license okuhweba utshwala.
UMeya kamasipala uMsunduzi uMxolisi Mkhize usenxenxe intsha kanye nezakhamuzi ukuthi zizifundise ukuqonda kabanzi ngamalungelo azo, futhi ziwasebenzise ngobuhlakani.