Injabulo Kuqhubeka Umsebenzi e-Richards Bay Minerals
Written by Mfundo on 25 August, 2021
By: Lindelani Mbatha
Umnyango wezokuthuthukiswa komnotho KwaZulu-Natal uthi ukuvulwa futhi kwenkampani iRichards Bay Minerals kuzosiza ukudala amathuba emisebenzi kanye nokuthuthukisa umnotho.
Lenkampani yamisa ukusebenza emasontweni ambalwa adlule emvakwezinkinga ebinazo nomphakathi oyakhele.
Umphakathi ubufuna lenkampani inikeze izakhamuzi amathuba emisebenzi, kanye nokuthuthukisa indawo osebenzela kuyo KwaMbonambi.
I-Richards Bay Minerals isinikele ngemali elinganiselwa ku-R130 million esikhwameni sokuthuthukisa lomphakathi.
Oyisikhulumi salomnyango-uBheki Mbanjwa uthi noma izinkinga sezixazulekile kodwa bazoqhubeka nokusebenzisana nalenkampani ukuqinisekisa ezokuphepha kubasebenzi.
powered by Advanced iFrame. Get the Pro version on CodeCanyon.