Injabulo Kuvulwa Isikole Sabakhubazekile

Written by on 30 March, 2021

By: Bongani Gina

UNdunankulu wakwaZulu-Natal, uSihle Zikalala, uthi kubize ngaphezulu kuka R220 million ukwakhiwa kwesikole esizobhekelela abafundi abanokukhubazeka, iPholela Special School eBulwer maphakathi nesifundazwe.

UZikalala usevule waphinda wethula ngokusemthethweni lesisikole ngokusemthethweni, kanti uthi sizonika ithuba elihle lokufunda ebantwaneni abanokukhubazeka nabangaphatheki kahle ezikoleni ezijwayelekile.

Uthi bazoqhubeka nokwakha lezizikole eziwuloluhlobo nakwamanye amaDistricts ukugqugquzela imfundo kuwo wonke umuntu, nokubalwa nabanokukhubazeka.

Khonamanjalo uNgqongqoshe wezemfundo kulesisifundazwe, uKwazi Mshengu, uthi lesisikole esiyisipesheli nesizobhekelela abantwana abanokukhubazeka sizofundisa amakhono ahlukahlukene.

Kumanje bangu 250 abafundi okubikwa ukuthi sebeqalile ukufunda kusona njengoba sesivulwe ngokusemthethweni nje.

“Izinhlelo zokufunda kulesisikole zihlanganisa ukuqeqeshwa kokufunda ngokwamakhono njengoba bekhona abathungayo nabanye abenza imisebenzi eminye yezandla. iCurriculum yalesisikole izobhekelela izidingo zalabafundi abaphila ngokukhubazeka ngokwengqondo, ngokomuzimba, abangaboni kanye nabangakhulumi futhi abangezwa,” kuchaza umshengu.

Lesisikole sizothatha abafundi abangu 350 futhi siphinde sibe nezindawo zokuhlala zabafundi kanye nothisha.


Gagasi FM

What You Want to Hear



Background