Injabulo Kuvulwa Utshwala
Written by Mfundo on 26 July, 2021
By: Zilungile Mkhize
I-Beer Association of South Africa ithi ukuvulwa kokudayiswa kotshwala sekubuyise ithemba ekutheni amabhizinisi akulemboni asanalo ikusasa yize kusazoba nzima.
Izolo uMengameli wezwe uCyril Ramaphosa uxegise imigomo yokuvalwa kwezwe, wamemezela nokukuthi sekuvumelekile ukudayiswa kotshwala kuhlalwe buphuzwe noma ubuthenge uhambe nabo.
Lenhlangano ithi yize kusanemigomo ekhona elawula ukusebenza kwabo nokuthengidswa kotshwala, kodwa ukuxegiswa kwemigomo ngaphansi kuka Level 3, kusho lukhulu kubo.
Ithi amabhizinisi amaningi abesedonsa kanzima kulezinsuku evaliwe, njengoba bekusamele aholele nabasebenzi yize imali ibingangeni.
Ukudayiswa kotshwala sekuvumelekile phakathi kuka-10 ekuseni no-6 ntambama kusukela ngoMsombuluko kuya kuLwesine.
Iqhuba ngokuthi izibalo zayo zakamuva zikhombisa ukuthi ukuvalwa kokusebenza kwabo kusuka kwaqala lonyaka, sekubeke imisebenzi engu-248 000 engcupheni, futhi kwaphazamisa ukukhula komkhiqizo wezwe ngemali elinganiselwa ku 64 billion wamarandi.