Inkampani isinikele ngezimoto kuhulumeni ukulekelela empini yeCovid-19
Written by Lethiwe Mdluli on 21 August, 2020
Inkampani eyakha izimoto iToyota, isinikele ngezimoto ezingu 10 ezingama 4X4 kuhulumeni wesifundazwe ukulekelela empini yeCovid-19, nethi zizonikeza abasebenzi bezempilo izinyawo ezilula ukufinyelela ezindaweni ezahlukene.
Undunankulu, uSihle Zikalala, kanye nongqongqoshe wezempilo uNomagugu Simelane-Zulu, bamukele lezimoto emagcekeni alenkampani eProspecton eningizimu yeTheku.
Kumanje lesifundazwe sinabantu abangaphezu kuka 104 000, abasuleleke ngeCoronavirus.
uZikalala uthi njengoba sebezohambela imindeni eshonelwa ngamalungu ayo emakhaya ukuyobheka ukuthi ngabe kungenxa yeCovi-19 yini lezimoto zizosebenza kakhulu.
Listen here:
Podcast stream by Fabrik.fm
By: Zilungile Mkhize