Inkampani Yamathayi Ilahlekelwe Izigidi Zamarandi Kutatshwa

Written by on 20 July, 2021

By: Zilungile Mkhize

I- Sumitomo Rubber South Africa, nokuyinkampani eyakha amathayi ezimoto akwa Dunlop, ithi ilahlekelwe imali elinganiselwa ku 90 million wamarandi ngempahla eyebiwe ku-warehouse yayo ese Westville, eThekwini.

Izigameko zodlame, ukugqekezwa nokuzitapelwe ezitolo, isemafemini kanjalo nakuma warehouse lapho izinkampani zigcina khona impahla nemikhiqizo yazo, kubuyisele emuva amabhizinisi amaningi futhi kuqede nemisebenzi yezinkulungwane zabantu.

Oyisikhulu esiphezulu kwa Sumitomo uLubin Ozoux, uthi sebeqalile nokubona ezinkundleni zokuxhumana abantu bedayisa ngamathayi amasha, nokuyinto abathi bayayilandela manje ngosizo lwamaphoyisa.

Uthi sekuyalelwe nezinkampani ezikhanda izimoto, kanye namagaraji ukuthi zingalinge zifake imoto isondo uma umnikazi efika nethayi ngaphandle kwepheshana elikhombisa ukuthi ulithengile.

Uqhuba ngokuthi ikhona neminye imizamo yokubamba kujeziswe labo abazama ukudayisa lempahla eyebiwe.


Gagasi FM

What You Want to Hear



Background