Inkantolo: Awuphoqelekile ukuhlala ezikhungweni zikahulumeni uma une covid-19
Written by Lethiwe Mdluli on 4 June, 2020
Inkantolo ephakeme ePitoli isikhiphe isinqumo sokuthi noma ngubani othalakala eneCoronavirus akaphoqelekile ukubekwa ezikhungweni zikahulumeni zokuhlukaniswa.
Lokhu kulandela ukuthi inhlangano i-Afriforum iqonde enkantolo ukulwisana nemithetho yokuhlaliswa kwabantu ngenkani ezikhungweni ezihlelwe uhulumeni uma beguliswa yilesifo.
Lenhlangano ithi iyasemukela isinqumo senkantolo ngoba uhulumeni akanalo ilungelo lokuphoqa abantu ukuthi bayohlala ezibhedlela ezihlelelwe ukugcina abaneCoronavirus uma bengakwazi ukuzihlukanisa bona nabantu emakhaya.
Owe Afri Forum, uMonique Taute, uthi lokhu kungeminye yemibandela yokuvalwa kwezwe engahambisani nomthetho sisekelo ngoba bekungenamthetho obusuphasisiwe ochaza ukuthi izwe lisesimweni esibucayi futhi.
Lesinqumo salenkantolo silandela esinye senkantolo yamajaji eGauteng esithe imithetho ye-lockdown ka level 3 no 4 ayihambisani nomthetho sisekelo
uNgqongqoshe wezokuBusa ngokuBambisana nezoMdabu, uNkosazana Dlamini-Zuma, ngokubambisana nabanye ongqongqoshe abasingethe udaba leCovid-19 kulindeleke ukuthi babuyekeze lezi zinqumo.
Listen here:
Podcast stream by Fabrik.fm
By: Sthulile Mdletshe