Inkantolo Inquma Ngokuqashwa Kwesikhulu saMasipala waseNkandla

Written by on 2 December, 2020

By: Lindelani Mbatha

UMeya waseNkandla enyakatho yakulesisifundazwe uThami Ntuli uthi isinqumo senkantolo yokudluliswa kwamacala sokukhipha phambili lomkhandlu sikhomba ukuthi izinkantolo zisebenza ngokuzimela.

Lenkantolo ikhiphe phambili lomkhandlu ekuqasheni kwayo oyisikhulu esiphezulu uLangelihle Jili ngo-2016 emvakokushiya kuka-Sthembiso Mthembu.

Umnyango wakwaCogta kulesisifundazwe lesisinqumo wasiyisa enkantolo ephakeme eThekwini lapho isinqumo sokuqasha uJili esachithwa khona.

Lomyango wawusola lomkhandlu ngokuqasha lesisikhulu singenaso isipiliyoni esifunekayo sokuhola umkhandlu.

Lomasipala wabe ususidlulisela enkantolo yokudluliswa kwamacala lesisinqumo.

uNtuli uthi kunzima ukusebenza ube ujeqeza.

Khonamanajalo oyisikhulumi sakwaCogta kulesisifundazwe uSenzelwe Mzila uthi bamatasa bafunda isinqumo senkantolo.

 


Gagasi FM

What You Want to Hear



Background